Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
1000 – 1020

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

Singaba ngumzali kanjani wengane endala kube kunezinye ezisencane ekhaya ezimbili? Zintathu sezizonke izingane zethu : umfana nentombazana esise- high school ,nendodana esiphakathi ko 20.Lo omdala izinto azimhambelanga kahle ukuyobheka impilo osekumphoqe abuye ekhaya okwesikhashana.Siyabona usemdala futhi kumele simlawule ngokwehlukile ngokwemithetho ,nokho sisabela umthelela engenzeka kulaba abancane .Zikhona iziluleko eningangipha zona…
31 Jul 2019 4PM 3 min

Ukwehliswa isithunzi uwakwakho

Ngenze njani uma uwakwami ekhuluma okungeyikho kumbe okungiphoxayo emndenini noma kubangani? Angicabangi usuke ekuqondile kodwa mina kugcina kungehlisa isithunzi.Sekuyiminyaka yenzeka lento.Ekuqaleni ngangiye ngimlinde size sibe sobabili bese ngigonyuluke kuye.Manje sekuvese kwadlanga futhi sengibona kungcono ngivese ngingasalindi manje kodwa ngimdumele khona esidlangalaleni ze ngivikele isithunzi sami.Yikuphi eningakusho?
30 Jul 2019 4PM 4 min

AmaKhrestu Nengcebo –Umbuzo wokunikela ngakho konke

Wayeqonde ukuthini uJesu uma ethi : “Hamba uthengise konke onakho ,bese uphe abampofu ,uyoba nengcebo ezulwini”?Ngibe nguMkhrestu onyakeni nengxenye owedlule ,okwamanje kuseluhambo oluhle kimi lolu.Yebo ngibile nazo izinselelo endleleni yami ,nanxa kunjalo iNkosi ingibusisile nebala ngezindlela eziningi.Kodwa ngamhla ngihlangana nomuntu owangikhombisa lelovesi ebhayibhelini laletha ukudideka kimi ,ngakube kumele ngidele ikhaya…
29 Jul 2019 4PM 4 min

Imincele emshadweni evikela ukusiza owobunye ubulili

‘Iyiphi indlela eqondile yabashadile ekutheni omunye wabo asize oshadile wobunye ubulili, ezinkingeni ikakhulukazi zomshado ? Ngeshwa elikhulu umfowethu ufuna ukuhlukanisa nomkakhe.Kunobusuku unkosikazi wakhe athinte ngabo umnyeni wami ukuba azongenelela ngokumnika izeluleko.Hhayi ngibona sengathi uyaphaphalaza umkamfowethu ,bekumele acele omunye wesifazane axoxe naye hhayi umkhwenyana wami! Manje inkinga ngasohlangothini lomkhwenyana wami yena…
28 Jul 2019 11PM 4 min

Ake uyozicinga- njengendlela yokuqondisa izigwegwe

‘Ukuyozicinga kwengane kunamandla kangakanani? Usana lwethu seluthe klwi manje angazi ukuthi yiluphi uhlobo lokuqondisa oluhambisana nesigaba sokukhula.Abahlobo bami bona bakhonze kakhulu ukuthi ingane ‘ake iyozicinga ‘.Anginaso isiqiniseko ukuthi iyona ndlela engcono le. Kunini la khona ‘ukuyozicinga’ kuyindlela eshaya khona yokuqondisa izigwegwe ? Kunini la ingesiyo khona? Umehluko ngingawubona kanjani ?…
25 Jul 2019 11PM 5 min

Ukubhekana nobungane bokunganaki

‘Ngingamqondisa kanjani umfanawami onkambo ikhombisa ukungakhuli ngengqondo ? Hhayi ngoba engezwa kodwa ubudedengu nje.Isibonelo nje akazibeki izinto zakhe ,uvese ashiye ibhola lakhe la lingantshontshwa kalula khona,ashiye kanjalo izicathulo namathoyizi.Kwenziwanjani ?
24 Jul 2019 11PM 2 min

Uwakwami uhlukumeza izingane ngokomzimba

Umnyeni wami akakaze abe ngonodlame kimi ,nokho kuluduba oluhlukile ngamalengiso mase kuziwa kubantwana bami .Uvama njalo ukubabhaxa,futhi useke wabalimaza kaninganyana .Ngifuna ukuvikela ,nokho ngiyesaba ukuthi lokho uzokuthatha kanjani uma ngimphonsela inselelo .Yikuphi okumele ngikwenze ?
22 Jul 2019 11PM 4 min

Indoda Esebenzisa izithombe zobunqunu ngoba unkosikazi engasayinelisi

Kumele yini indoda ifune ukuzinelisa ngokocansi ngokuthi ibuke izithombe zobunqunu uma kuwukuthi unkosikazi wayo akasazithandi akazinaki ,useyahubazela nje ? Ngisemshadweni onzima.Kusuka emva nje sashada ,umkami akasawunaki sanhlobo umzimba wakhe ,futhi yinto anganandaba nayo leyo manje .Angifuni ukumdivoza ,kodwa ngisenayo imizwa yenkonzo yekamero .Umqondo muni ongasiza la?
21 Jul 2019 11PM 4 min

Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabanga

Ninazo iziluleko kophila nowakwakhe ogcine eseqhoqhobelwe imidanti engenasidingo ? Kimi sekuyacaca ungenwe wukucabanga ngobuhaba.Uhlala njalo exwayile ekhathazekile .Akalali engabhekaka isicabha kashumi .Ngihola kahle ,kodwa uhlala ekhala ngokuthi wesaba kungenzeka sihlulwe zindleko suku lumbe Sekuqala ukungisanganisa lokhu ,kukhona enikuphakamisayo ?
18 Jul 2019 11PM 3 min

Ukhuluma kanjani nezingane ngobaba ongekho

Ngiyiphendula kanjani imibuzo enzima enganeni yami mayelana nobaba wayo ongekho ? Ngahlukana noyise ,cishe eminyakeni ewu 8-ngesikhathi esimuncu-futhi akakaze ambone .Kodwa mumva nje usebuza izinto ezinjengokuthi : ‘usamthanda ubaba Mah ?’ futhi : “Kungani engasifoneli –akangithandi yini nami?” nokuthi “ngingazama ukumcinga ngelinye ilanga ?” Nicabanga ngimphendule ngithini ?
17 Jul 2019 11PM 4 min

Uwushiya kanjani umsebenzi e-office bese ubesekhaya mondeni ngokuphelele

Ngingawugcina kanjani umsebenzi wami ekutheni ungadli nesikhathi sami nesomndeni ? Ngingumphathi omkhulu ,enkampanini enkulu ,futhi ngithwala kanzima ukuthola i -balance yesikhathi somsebenzi nomndeni ,okungiphatha kabi kakhulu ngukuthi noma ngingasekho emsebenzini ezomsebenzi zihlala ziseqhulwini engqondweni yami .Njalo njalo ngifika ekhaya ,ekuphetheni kosuku obelunzima ,ukuze ngibe nesikhathi esimtoti nomndeni wami ,kodwa kufumaniseke…
16 Jul 2019 11PM 4 min

Ukusiza izingane zibhekane nobhongoza

Ngingabona kanjani ukuthi ingane yami inenkinga yokubhongozwa ? Zikhona izimpawu zalokho ? Uma kuwukuthi ,ukulenkinga ,pho ngingamsiza kanjani kulesisimo?
15 Jul 2019 11PM 4 min

UMusa ,umthetho ,nokukhuluma iQiniso ngothando

Ngingama kanjani eqinisweni likaNkulunkulu kodwa ngingabi ngowahlulelayo ? Ngingumuntu okhulumayo ngokholo lwakhe ,okugcina kwenza abantu bangiphonsele inselelo .AmaKhrestu amaningi kulezinsuku azi ukuthi ungaba likholwa wenze nantoni oyicabangayo bese uyasindiswa ngomusa nesihawu seNkosi.Banomqondo wokuthi umhlatshelo onguKhrestu unamandla phezu komthetho okuphetha ngokuthi uNkulunkulu angabi nandaba nobuqotho bokuziphatha .Lokhu kuvamisa ukuba yilomqondo ikakhulukazi…
14 Jul 2019 11PM 4 min

Ukunqamuka kokuphinga -Ukuzenyeza nokuThethelela

Ngakube umuzwa wokuzenyeza uxhumene nesimo sami sokungathetheleli umnyeni wami ekungathembekini nomngani wami oseduze kimi ? Lokhu kuphinga kwenzeka nyakenye ,sabuyisana ,futhi nomshado wethu uqhakambile kunakuqala .Nanxa kunjalo ngisenomuzwa wokuzenyeza nokungazethembi .Kukhona ukuxhumana kulezizinto ?
11 Jul 2019 11PM 4 min

Ukuhlonza izimpawu zokugxila ophuzweni kothandiweyo wakho

Yiziphi izimpawu zokugxila ophuzweni ? Ngikhathazekile ngomkhwenyana wami kodwa angazi noma nginesiqiniseko sokuthi kukhona akwenzayo ngophuzo.Uma ehleli nabangani bakhe bebuka ibhola kwi TV kusuke kuphuzwa utshwala.Nanxa kungenzeki njalo.Kahle hle ngenye yezindlela azivikela ngayo uthi uphuza makungama -weekend noma kune- game .Uthi yisikhathi nje sokuzijabulisa nabangane bakhe ,engekho emsebenzini epholisa ingqondo…
10 Jul 2019 11PM 4 min

Obaba namadodakazi anama-moods

Njengobaba ngingabugcina kanjani ubudlelwano nentombazane evese inyukelwe yinhliziyo esikhaleni ngenxa yobutshitshi? Lonyaka odlule ube ngonzima kimi .Ngiyiqaphelile indodakazi isuka esigabeni sokuba yintombazanyana ehlale imamatheka ithokozile manje esisesigabeni sokuhlala ixhukile iletha izimpikiswano.Ubudlelwano bethu babuyintokozo kimi .Manje sekunzima .Ngingasiguqula kanjani lesisimo ?
9 Jul 2019 11PM 4 min

Ucansi kwezokuxhumana ,ukuthandana online,ukuphinga Nesehlukaniso

Ngokwamagama kaJesu awasho ku Mathewu 5:27 -30 ,kwehluka kanjani ukuphinga ngokubuka nokuphinga kwempela ? Uma kungenamehluko ,ngakube ukungena komnyeni wami kwezocansi online kunginika amava okuthi ngingahlukanisa naye? Ngisanda kuthola ukuthi usebudlelwaneni obuqhubekayo nge- internet .Uthi yena akukho kuphinga ngaloluhlobo lwalesisenzo .Ngokwakhe ngenye yezindlela nje yokuzidlalela umdlalo wezocansi emoyeni.Mina angivumi sanhlobo…
8 Jul 2019 11PM 5 min

Ingane Ebuka ama movie anocansi nodalame kubo kamngani

Ngakube ukubona kanye i -movie noma isithombe esinodlame kwi –TV sithikameza impilo yengane eside isikhathi? Ngisanda kuthola ukuthi ingane yami esese-primary ibuke isithombe esingesihle ngenkathi ikwamngani wayo .Yikuphi okumele ngikwenze nokuthi ngingavikela kanjani ukuthi lokhu kungenzeki kokuzayo ?
7 Jul 2019 11PM 4 min

Izingungquko ezenzeka ekungeneni ekuthombeni nasebubhungwini

Ningasitshela ukuthi zinguquko zini esingazilindela ngenkathi ingane yethu ingena ebubhungwini –nokuthi sibhekane kanjani nakho ? Siqeda kubona ukuba yiyona nselelelo le kundodana wethu. Futhi ngibona sengathi mina noyise kuzomele sithwale umthwalo othe xaxa ngesikhathi sesibhekisisa loluguquko angena kulo.Kukhona eninakho okuphathekayo kokwehlisa lesivunguvungu ?
4 Jul 2019 11PM 4 min
1000 – 1020