Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
1060 – 1068

Ukutewuzela ezinganeni

Ninawo amasu ukusiza ongena ebubhungwini ukuba angabi yisitetelegu ? Uyazifela ukushobozela kwasani futhi uphatheka kabi uma simenqabela akaphumuze oncamngce.Uba nengcindezi emva kwezinsuku uma edle ukudla okumfanele ngokwezempilo .Singasibuyisa kanjani isimo la kuye
8 May 2019 11PM 4 min

Wenza isikhathi nabangani bakhe ubaba nomama wenza esabakhe

Nicabanga kuwumqondo omuhle kobaba nomama ukuba nezinto abavama ukuzenza nabangani babo bobulili bunye ngaphandle komunye? Umkhwenyana wami uzizwela isidingo esinqala ukuba ndawonye njalo ngenyanga ,kodwa mina ngixolela ukusebenzisa isikhathi sami esiningi naye .Nami ngiyazikhipha izikhashanyana nabangani bami besibhuda ,kimi ngiye ngibone kwenele .Kuthini ukucabanga kwenu
7 May 2019 11PM 5 min

Umkhwenyana ukhathazekile ngengcindezi ngesikhathi u makoti ezithwele

Kukhona engingakwenza ukusiza unkosikazi wami ozithwele ekubhekaneni nomoya oguquguqukayo kuye? Usengasekugcineni kwezinyanga zakhe ,kodwa usebukeka enengcindezi .Osekuba yisiphazamiso ebudlelwaneni bethu .Kukaningi ngizwa ngengcindezi eba kumama emva nje kokuteta ,manje ngakube kujwayelekile yini ukuba umama avese acindezeleke engakateti
6 May 2019 11PM 4 min

Ingane esikhulile yenze izinqumo ezingezinhle

Yikuphi esingakwenza ukukhuthaza undodana wethu omdala ukuba akhule manje? Wenze izinqumo ezibi ngokwempilo ,umsebenzi ,indawo yokuphila ,nangabangani .Emva kokumkhulisa ngobuKHRESTU siphoxekile kakhulu .Khona manjalo asikwazi ukuzixolela ngomuzwa wecala wokuthi sehluleka kuphi .Kukhona esingakwenza ukubuyela emumva ,ngaphandle kokugxoba imingcele efanele?
5 May 2019 11PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo Niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi,kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye.Angazi lokhu kwenzeke kanjani ,futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane.Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
2 May 2019 11PM 4 min

Odivose enengane ,ufuna ukubuyisa umshado

Ngingaqhubeka nomcabango wokubuyela emshadweni wami ngenxa yengane ? Sobabili singaMakhrestu ,ngeshwa sigcine nje sesihlukanisa.Emasontweni ambalwa edlule ngizizwa nginomzwangedwa ngalokhukwehlukwana esimweni senganyana yethu .Nicabanga ngenze kuphi ?
1 May 2019 11PM 5 min

Inkambiso Yokusebenzisa i-Cell phone ezinganeni

‘izingane zingavunyelwa ukuba nama smart phone nokunye okuwubuchofo? Omdala useyashayela ,ngakho besemgwaqeni .Uwakwami yena ucabanga bayawadinga amaphone ukuze bakwazi ukuxhumana nathi .Nikubona kuwumqondo omuhle lokho ?’
30 Apr 2019 11PM 4 min

Ukuhuheka phakathi kwabangani abashadile

Ngibhekane kanjani nomuzwa o-romantic esingiwuzwa ngonkosikazi womngani wami omkhulu? Mina nalowesifazane sisanda kubona komunye nomunye ukuthi sinokuhuhekelana nokuthi sesidinga ukwakha udonga ukuze sivikele imishado yethu,kodwa asazi sikwenze kanjani lokho .Mina nonkosikazi wami singo business partners kunye nalabashadikazi kuyo yonke leminyaka elishumi .Kukhona eningakuphakamisa?
31 Mar 2019 11PM 25 min
1060 – 1068