Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
940 – 960

Ukubeka eqhulwini nokuhlela isidlo somndeni ekhaya elimatasa

Umndeni wethu ungadla kanjani ndawonye nanxa umatasa? Ngiyafuna ngempela ukufeza lempokophelo ,kodwa sibhekene nezingqinamba eziningi ,futhi ngiyesaba nokusaba.Ama-schedule ahlale egcwele ,sekuyinqubo yethu ekhaya neyami nayo iyanyinyitheka.Esikhathini engiphuma ngaso emsebenzini kusuke sekuyukuyojama kwi traffic ,ekhaya ngifike ngo 6: 00 sekukusihlwa vese.Ngalesosikhathi ngiyazi ukuthi mangase ngimoshe isikhathi eside ngenza izidlo ezihlabahlosi ,ngingathi…
11 Nov 2019 5PM 5 min

Ngakube ngicwile ezinkambeni?

Ningangisiza ukuqonda ukuthi ngakube nginenkinga enzulu ngophuzo? Nasi isimo sami .Ngingumama wezingane ezintathu ezisencane ohlale egijima.Emva kwesikole ngiyazilanda bese ngiya emakethe,ukucosha okuthile ngokushesha zingaze izingane zikhathale.Bese sigijimela ekhaya ,yimi lowaya sengigwaqazisa amabhodwe akusihlwa ,khona lapho futhi ngimatasa ngizisiza nge homework .Ekubuyeni komnyeni wami emsebenzini ngiye ngithi qhabu iwayini ukuzolisa inqondo.Kodwa…
10 Nov 2019 5PM 4 min

Izisekelo zebhayibheli ngokunikelela abampofu

Lithini ibhayibheli ngenhlupheko nokunikelela abampofu? Ngifuna ukukuqonda ngobuNkulunkulu lokhu,kodwa nje eqinisweni kimi njengomzalwane osemusha eNkosini ngibe nokudideka ngeminye imibono ngeminikelo engizwe ngayo.Ngakuba nibuka lesisenzo njengesinye esimqoka empilweni yobuKhrestu?
7 Nov 2019 5PM 4 min

Ingcindezi nokuzibulala: Izimpawu nezexwayisayo

“Sengizwe kaningi ngenkinga yabasha abazibulalayo .Ngakube loluchungechunge olukhombisa ukuba kwabo nengcindezi ,lungenza ibhungu lami nalo libe kulencuphe yokuzibulala na? Yibuphi ubudlelwane obuphakathi kwengcindezi nokuzibulala? Ngingayitholaphi indawo engasiza undodana wami?”
6 Nov 2019 5PM 5 min

Ingane esikhulile ithwele kanzima ngezothando oluseceleni lomzali nomlingani wakhe

Abazali bami basanda kuhlukanisa ngoba uMawami wayephinga .Kusuka lapho usehlala nalomlisa futhi bahlela ukushadana kungekudala .mina nomnyeni wami siphila eceleni,futhi sekwenze kwanzima ukubhekana nakho konke lokhu .UMawami ungidinelwe ukungemukeli leli soka lakhe ngezandla ezifudumele .Usabisa nokungasaphinda ahlanganyele nathi uma sinemcimbi yomndeni ,kodwa eqinisweni ngempela ,angimfuni lomlisa wakhe .Ngicabanga nginobunzima ukusebenza…
5 Nov 2019 5PM 5 min

Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

Ngenze njani ngengane esikhulile ephatha kabi umkhwenyana wayo? Indodakazi yethu igane indoda enomoya omuhle kabi .Kodwa indodakazi yethu iyehluleka ukubonga lobubuhle ,imphatha kabi umkhwenyana ayimhloniphi .Kungiphatha kabi ukuyibona iqhubeka ikwenza konke lokhu phambi kwethu,izingane nabangani .Mina ngifuna ukukhuluma nendodakazi yethu kodwa ubaba wakwami yena ubona sengathi ngizobe sengeqa umngcele.Wonke umndeni…
3 Nov 2019 5PM 4 min

I-adoption nokwelapha i-Sensory Processing Disorder

Luhloboluni lwemithi ekhona kumbe izelapho ezinganeni ezithwele kanzima nge Sensory Processing Disorder? Sinomfana oyi-foster kithi onesemumva lakhe labe linokuhlukunyezwa okukhulu .Emva kokuba sesihlale phansi nabezempilo sithole ukuthi izinkinga zakhe eziningi ,zilele kwisemumva lakhe futhi zingalashwa ngokwemizwa yengqondo.
31 Oct 2019 6PM 6 min

Ogogo nomkhulu bakhathazeke ngesimo sezempilo ekhaya labazukulu

Ngakube kusesigabeni sami yini ukungenelela uma ngibona ukuthi isimo sempilo asiphephile asinampilo emzini womtanami kubazukulu? Ngiyamthanda undodana wami nomakoti kodwa ngibona sengathi ikhaya labo alinampilo enhle kumzukulu wami oyintombazane onezinyanga ezingu 10.Phansi endlini kungcolile kunolwelwezi olubi lokudla okwasalela ku khaphethe namanabukeni uwafica ebekwe yonke indawo.Ukuvimbela lendodakazi yabo ,bayigcina isemotweni yayo…
30 Oct 2019 6PM 5 min

Ukugconana emndenini

Ngakube akukuhle ukugconana nokungcofa amanye amalunga omndeni? Sihlala njalo sikuthokozela ukuhleka ndawonye emndenini wethu ,lokho kwesinye isikhathi okubandakanya lokhu abakubiza ngokungcofana.Abanye abangani bethu basixwayise ngokuthi kungenzeka ngalesi senzo sizithole sifukamela amaqanda ebululu ,bube busheshelezi ubudlelwane bethu.Nicabanga ikhona inkinga ngaloluhlobo lokuntela?
29 Oct 2019 6PM 4 min

Ukuziphatha kabi ngocansi nokusondela ngokwenyama phambi komshado

Uma sekuziwa ekusondalaneni ngokomzimba phambi komshado ,yikuphi la okungamele ngifike khona? Mina nesithembisana naye sithwele kanzima kulengxenye futhi asazi siwudwebe kuphi umugqa.Ningasiza ukucacisa ukuti lisuke liqonde ukuthini ibhayibheli ‘ngokungaziphathi kahle ngokocansi?
28 Oct 2019 6PM 4 min

Ukusondela kolahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala

Ngingayenza kanjani inkonzo enhlizyweni kumuntu olahlekelwe yilunga lomndeni ngokuzibulala? Indodana yomngani wami engimkhonzile izibulele ,ngikhungathekile ukuba ngingathini kuye kumbe ngenzeni.Ningangipha usizo?
27 Oct 2019 6PM 5 min

Abazali abankamunkamu nomakoti nondodana

Singabugcina kanjani ubudlelwano nondodana wethu uma kungukuthi umakoti wakhe usevale bonke ubudlelwano nathi? Yisimo lesi esesibe kuso iminyaka, kanti kusiphula inhliziyo.Sesibacele kaningi ukuthi babhoboke, sabona ngani, ze silungise la esabona khona,kodwa abasho lutho.Bacacise obala indlela abafuna siphile ngayo nathi sifuna ukuyihlonipha.Kodwa sifuna ukuqinisekisa umakoti womatanethu nondodana ukuthi siyabathanda futhi izinhliziyo…
23 Oct 2019 6PM 4 min

Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

Ngakube mina nomnyeni wami siyisize yini indodana yethu esikhulile ikwazi ukubhekana nezinkinga zayo zezimali? Lokhu sekube ngumdonsiswano omkhulu emshadweni wethu.Isizimele kodwa iyehluleka .Uma ngithi mina asiyisize ngosizo oluncane lwezimali ,uyise uthi cha aisyiyeke imelwe ukufunda ubunzima bempilo .Mina ngikhathazekile ngayo.Nicabanga senzenjani?
22 Oct 2019 6PM 4 min

Izingane nobungani obuphilile

Ngingayisiza kanjani ingane yami ithuthukuse ubungani obuhle?Ngiyazi ukuthi kungalula kanganani enganeni ukwenza izinqumo ezi-wrong zabangani kumbe isungule amaxhama angemahle ngezizathu ezi –wrong.Yikuphi engingakwenza ukucaba indlela enhle kulendikimba ?
21 Oct 2019 6PM 4 min

Umehluko ongukhiye phakathi kowesilisa nowesifazane

Ngaphandle kwengaphandle elibonakalayo ,yini ingempela umehluko oqavile phakathi kowesilisa nowesifazane? Sengibe nokudideka okukhulu ngemiyalezo eshiwoyo ngobulili nangendlela okubizwa khona.Ngikholwa ngukuthi ukhona umehluko ebulilini bobubili odinga ukuchunyiswa ngendlela.Ngakolunye uhlangothi ngiye ngiphelelwe ngamagama uma abangani bami bethi angiwuchaze phela.Ningangisiza?
20 Oct 2019 6PM 4 min

Ukuhlelela ukulala kosana kunye no-mbhede womndeni

Uthini umbono wenu wokuba izingane zilale nabazali bazo ?Umngani wami ukholwa ngukuthi ‘umbhede womndeni’ ulusizo kulo lonke ilunga lomndeni.Uze ame ekutheni lenqubo ingavikela ukushona kwengane ngenxa yokucinana ancome nokunye okuhle kwezempilo .Ngakube uqinisile?
17 Oct 2019 6PM 5 min

Ubaba okhathazeke ngentombazana engena ebutshtshini esikluluza abafana

Ngakube intombazane eneminyaka engu 12 isencane kakhulu ukuqala ukukhombisa umcabango ngomuntu wesilisa?Mina nomnyeni wami sinombono ohlukene ngaloludaba.Indodakazi yami ivamisa ukuthi uma inomngani wayo sibabhadame bencoma abafana abahle.Ngokwami lokhu ngikubuka kuyinto ejwayelekile ekungeneni ekuthombeni.Umkhwenyana wami yena ukholelwa ngukuthi isencane kabi ukuqala ibe naleyomcabango futhi uma ikhula izokhalakatheka kweqe.Ngiyamhlonipha kakhulu umkhwenyana wami…
14 Oct 2019 6PM 4 min

Ingane enezinkinga ezingokuziphatha e-pre scool

Singenzenjani ukuba ingane yethu esepreschool ibambisane nothisha wayo ?Ivese ibe nenkani uma kuguquka izinhlelo kumbe uma uthisha eyicela ukumisa okuthile.Ifuna ukwenza izinto ngendlela yayo ngesikhathi sayo .Simyekisa kanjani lengqondo?
13 Oct 2019 6PM 4 min
940 – 960