Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
920 – 940

Umphumela Namacahaphazelo Esahlukaniso Ezinganeni

Ngakube ukudivosa kwami kuyoba namachaphazelo ayohlala isikhathi eside ezinganeni zami? Umshado wethu usube ngonzima kakhulu ,mumva nje sengixoxe nommeli wezahlukaniso ze ngicabange engingakwenza.Izingane zami zisencane ziphakathi kuka 8 no 14 weminyaka –kwesinye isikhathi ngiye ngibe nengcindezi enkulu ukucabanga ukuthi isehlukaniso sizozichaphazela kanjani.Kwesinye isikhathi ngizithole nginesibindi sokuthi izingane ziyakwazi ukuthula zimukele…
9 Dec 2019 5PM 6 min

Ukusebenzisa Imali Yokweshumi Ukusiza Abazali Asebekhulile

Ngakube kungaba liphutha ukusebenzisa ingxenye yokweshumi kwethu ukukhokhela isikhungo sabanakekela abadala?Sesibonile nebala isimanje sisigcina simatasa ukuzipha isineke esanele nabazali .Njengokuba nezingane zethu ziyofunda e varsity khona lapho sibhekene nanokunakekela umkhwe nomkhwekazi wami .Nicabanga senze njani?
8 Dec 2019 5PM 5 min

Ukumisa Utakalani Ekushayeni

Ngingamisa kanjani undodakazi wami ona 2 weminyaka ukushaya umfowabo onezinyanga ezingu 10? Uyamkhahlela ,amshaye ,amlume ,amklabalasele amjikijele nangamathoyisi .Kwaqala ngesikhathi eqala ukukhasa.Loluhlobo lwesenzo lwenzeka nsukuzonke ,kaningi ngosuku.Sesenze okuningi ukumisa lokhu kuziphatha ,nokho okwamanje akukho okubukeka kusebenza ,ninazo izeluleko kumbe enikuphakamisayo?
5 Dec 2019 5PM 5 min

Ukubhekana NeNkonkoni Engumzalwane Emndenini

Sithini kundodana wethu osese –varsity othi ungungqili unguMKhrestu ? Ukholwa ngukuthi uNkulunkulu wamtshela ukuthi akukho phutha ngobunkonkoni nokuthi utoliko lwebhayibheli lunezincaphephe.Okwedlulele ,ngukuthi lomqondo usewucobelele nomfowabo [onengeke kabi ngaye],futhi lomqondo wakhe ufuna ukuqhubeka ukuwutshala nakwabanye abancane .Kwezinye izikhathi ngidinwa ngiqhume ngize ngimemeze okomuntu ehayiza.Kwezinye izikhathi ngivese ngihlale phansi qede zehle izinyembezi.Siyamthanda…
4 Dec 2019 5PM 5 min

Amakhosikazi Aholayo Enkonzweni Yekamero

Ngakube kunempilo yini ukuba omama bahole indlela ekwenzeni uthando emshadweni ?Mina nomnyeni wami siyaluthokozela kakhulu uthando lwethu nenkonzo nokho kunento eyodwa engihlale ngikhathazeke ngayo: Kunezikhathi lakhona ngilangazelela ukuzizwa ngisondele kowakwami,kodwa ngibe nongabazane ukuthi kuhle yini kimi ukuba ngiqale uhambo .Impela ngiye ngizitshele ukuthi okwendoda ukuqala uhambo.Kuthini ukucabanga kwenu?
3 Dec 2019 5PM 6 min

Abazali Bavimba Ubudlelwano Bogogo Nezinganeni zabo

Sifuna ukuba sebudlelwaneni obuhle nabazukulu bethu ,kodwa kulesikhathi undodana nomakoti wakwami basidudulela eceleni ,okucaca ;abafuni sisondele kubona.Okugcina singenamaxhama okuxhumana nabazukulu.Ngisho nala khona bebavumela ,siba sincane kakhulu isikhathi esiba naso nabazukulu.Yiyiphi indlela enhle ukubhekana nalesisimo?
2 Dec 2019 5PM 5 min

Ukuhlolela Inzalo Ngesikhathi Somethembiso

Ngakube kuhle yini ukucela intokazi engizoshada nayo ukuba ihlolelwe inzalo phambi kokuba sishade? Angiqondi umoya osukhona esikhathini sanamhlanje osungumkhuba wokuthanda ukungabi nabantwana-hle hle mina kade ngaqala ukulangazelela ukuba nabantwana ngisho ngingakahleli umshado .Ngiphinde ngikholwe ukuthi umshado ,inkonzo yekamero ,nezingane konke kuyi –package efanayo[ngikholwa ukuthi iminitry yenu iyakuvuma lokho].Esikhundleni sokukhetha ukungalethi…
1 Dec 2019 5PM 5 min

Ukholo ,imisebenzi ,kanye nensindiso

Ngakube ngisindiswe ngokholo noma ngemisebenzi emihle ? NjengoMkhrestu omusha ,kwathi gqi uma ngizwa ukuthi insindiso ayimile ngemisebenzi ,kodwa kuphela esiphweni sikaNkulunkulu somusa.Kodwa manje omunye ungitshele ukuthi ukukholwa okungenamsebenzi kufile nokuthi uNkulunkulu uyathanda ukunaka izenzo zami ndlelanye anaka ngayo ukukholelwa kwami.Manje ngikhathazekile.Mhlampe angenzi okwanele ukuya ezulwini.Nicabangani? Ningangisiza ukuqonda lokhu okubukeka kuyisiphicwane?
28 Nov 2019 5PM 5 min

Ukubhekana nogogo nomkhulu abatotosana kweqe

Ngingabamisa kanjani abazali bami ukutotosa kweqe izingane zami? Ugogo nomkhulu bapha izingane zami kwasani eziyidingayo ,ngisho nala mina engingavumi khona.Angifuni bazizwe ngibaqhelisa abazali bami ,kodwa kumele kube notho engilwenzayo .Akhona amacebo eninawo?
27 Nov 2019 5PM 5 min

Obaba nomthelela abanawo kumadodakazi abo

Njengobaba ,yimaphi amaqhaza angukhiye okumele ngiwadlale empilweni yendodakazi yami? Yiziphi izingxenye empilweni yayo okumele ngigxile kuzo nokuthi yiziphi izinto engingazenza ukudala ubudlelwano obunempilo phakathi kwethu?
26 Nov 2019 5PM 5 min

Umama onamathele uyesaba ukudedela ingane yakhe esises”khungweni semfundo ephakeme

Ningangisiza ukudedela undodana wami osephikelele ezifundweni zakhe e university? Ngimsabelela izinselelo azobhekana nazo eyedwa –izinselelo zokholo nokuziphatha kwakhe ,ngingasayikhulumi eyokuphila yedwa ngokokuqala empilweni yakhe.Sesibe ngumndeni onamathelene ,okwenza kube nzima kimi ukumbona ehamba.Kahle –hle bengiqwasha ebusuku uma ngicabanga ngalokhu.Ngingabhekana kanjani naloluguquko olusha?
25 Nov 2019 5PM 4 min

Ocwile ophuzweni ufuna usizo

Ninalo usizo kumuntu osefuna ukukuyeka ngempela utshwala? Ngingalutholaphi usizo longoti uma ngiludinga? Ngikuhluphekele ukunqoba inkinga yami yophuzo ,kodwa ubunzima bendlela sebungikhombise ukuthi ngeke nginqobe lokhu kucwila ngokwami .Manje nonkosikazi wami usengethuse ngokuthi usecabanga ukuthatha izingane zami bangishiye ngedwa ,okwedlulele,ngisanda kuthola i-warning kumqashi wami ukuthi ngilova kakhulu emsebenzini.Ngenzenjani?
24 Nov 2019 5PM 5 min

Ukuphumelela ukubhalansisa Inqubo yempilo

Ngingashenxisa kanjani ama schedule ami ukuze ngithole ukulingana okunempilo phakathi kwesikhathi engisisebenzisa emsebenzini nengisifaka kwizinto zempilo jikelelele ? Impela sengizame kaningi ukukwenza lokhu ,kodwa kubukeka kuba khona okumpintshekayo ,ngisho ngingenza kanjani.Nangale kwalokho angikaze ngihlangane nosekwaze ukukuhlanganisa konke kuthule kuthi tu.Inqubo yokuphila ebhalansile ,enjani ngokombono wenu ? Ngingaba kanjani nalolohlobo lwempilo?
21 Nov 2019 5PM 5 min

UMKhrestu onongabazane olujulile ngensindiso Kwakhe

Ngingazi kanjani ukuthi ngisindisiwe ,uma ngizizwa sengathi angisindisiwe? Ngiyazi baningi abantu abathwala kanzima ngongabazane ,ngalokhu –yinkinga le esengibe nayo impilo yami yonke yoBuKhrestu.Sengikhulume kubafundisi abaningi eminyakeni edlule ,bonke bangitshele into eyodwa.Babethi uma ngamcela uNkulunkulu ukungisindisa ,ngakho ngisindisiwe.Ngiyazi futhi ukuthi lithini ibhayibheli ngalokhu ukuthi Yena uyakusisindisa uma simbiza.Kodwa lololwazi alusizi zikhathi…
20 Nov 2019 5PM 5 min

Ukuzilungisela umshado useskhungweni semfundo ephakeme

Ngakube mina osengumfundi wemfundo ephakeme ngizilungisela kanjani ukuba ngunkosikazi nomama?Ngingowesifazane osingle oko 20 nengxenye,osezophothula idegree kwi –litereture e University.Nanxa ngizithokozela izifundo zami ,futhi ngizibuka ubumqoka bazo ekungicijeleni ubuthishela ,kodwa kunomuzwa kimi othi konke lokhu kuyoba okulandela ngemumva :intshisekelo nomthandazo wenhliziyo yami ,ukuthi uNkulunkulu angiphe indoda eyoba ngumkhwenyana wami emesabayo uNkulunkulu.Kodwa…
19 Nov 2019 5PM 5 min

Ukuthemba uNkulunkulu ezikhathini ezinzima

Ngingabambelela kanjani okholweni lwami kuNkulunkulu ngezikhathi lakhona izinto ziphambana? NjengoMKhrestu ngiyazi ukuthi ngimelwe ukubonga ezikhathini zonke bese ngibheka eNkosini ngezidingo zami zezinsuku zonke .Nokho ngibe sesimweni esingicekele phansi onyakeni owedlule.Ngingabonga kanjani ,futhi ngethembe uNkulunkulu ezikhathini ezinjalo na?
17 Nov 2019 5PM 5 min

Ukusiza umngani ososizini lokulila

Ninakho enikuphakamisa ukuba nginganelela kanjani kosozini lokushonelwa nguwakwakhe? Umngani wethu othandekayo usanda kushonelwa ngumkhwenyana wakhe.Singaba yinsika kuye kanjani kulesikhathi sokulahlekelwa?
14 Nov 2019 5PM 5 min

Ukusiza ingane ehlukunyuzwa ngokocansi lokuhlotshongwa

Ngingaluphatha kanjani udaba lokutholakala ukuthi elinye ilunga lozalo lomndeni womngani wami luphoqa ingane yakhe ukuyihlobonga ngocansi ? Angifuni ukungena ezindabeni zabanye abantu ,kodwa ngoba manje sengithole lolulwazi ngizizwa kumele kube nengikwenzayo.Kukhona enikuphakamisayo?
13 Nov 2019 5PM 5 min

Ukuhlakulela ubundawonye bomndeni

Ngakube kusemqoka ngempela ukuba imindeni ibe nesikhathi ndawonye?Njengomuntu wonke ,ngiye ngizizwe sengathi anginaso isikhathi esanele nsukuzonke.Khona manjalo sengifunde ama-articles amaningi ngokokuthi yikuphi okungcono phakathi kwe –qauility ne quantity family time.Wonke umuntu ekhaya uhlale empintshekile ngesikhathi,kwesinye isikhathi ngiye ngizithole ngimangala:ukuthi empeleni sisemqoka kangakanani isikhathi nomndeni ,lakhona usuke uxinwe ukusebenzela ukuba kuphilwe?…
12 Nov 2019 5PM 5 min
920 – 940