#3  Isiqephu 3: Qinisekisa futhi Uhlele - Yakha idlela eya empumelelweni yebhizinisi lakho.

Loading player...
Imibono emikhulu idinga izisekelo eziqinile. Esiqephini 3 seShintsha iGiya Podcast, umethuli uMpilo Khumalo ukuhambisa esinyathelweni 4: Qinisekisa Lendlela entsha, kanye nesinyathelo 5: Thuthukisa Uhlelo Lwakho Loshintsho. Lezi yizinyathelo ezimbili ezibalulekile zokuqinisekisa ukuthi ibhizinisi lakho lakhelwe impumelelo yesikhathi eside.

Ngaphambi kokungena enguqukweni enkulu, kubalulekile ukuhlola imicabango nemibono yakho, uqinisekise isidingo semakethe, futhi wakhe indlela ezoguqula umcabango wakho ube yinto yangempela. Lesisiqephu sihlaziya konke, sikunikeze amathulusi okuqinisekisa, ukuhlela, nokwenza umnyakazo wakho omkhulu olandelayo ngokuzethemba.

Ozokuzuza kulesisiqephu:

• Ungaqinisekisa kanjani imicabango nemibono yakho, usebenzisa izinhlelo zokuhlola, ukuhlolwa kwe-MVP, kanye nezimpendulo zamakhasimende.
• Izithako ezibalulekile zohlelo loguquko oluyimpumelelo, ukusuka ekubekeni izinjongo kuye ekwabelweni kwezimali ngobuhlakani.
• Kungani ukulandelela ama-KPI nokwabela izibopho ezicacile kugcina ibhizinisi lakho lisendleleni efanele.
• Imibono esebenzayo yokuthi uhlela kanjani ama-milestone futhi ubhekane ngezinselelo ezingalindelekile.

Thola iShintsha iGiya Toolkit bese ulandela: https://simplybiz.zendesk.com/hc/en-us/articles/360046018651-Change-Gear

Ungaphuphi nje. Hlela, uvivinye, futhi ukwenze kwenzeke. Vroom vroom.
Season 1 / Episode 3 3 Mar Zulu South Africa Business · Business

Other recent episodes

Isiqephu 4: Sebenzisa futhi Uguqule - Ukuguqula izinhlelo zibe yizenzo

Uhlelile, ukuqinisekisile, manje sekuyisikhathi sokukwenza kwenzeke. Esiqephini 4 seShinstha iGiya Podcast, umethuli uMpilo Khumalo ukuhambisa esinyathelweni sesi-6: “Sebenzisa Uhlelo Lwakho”, futhi uyalusonga uchungechunge ngemininingwane ebalulekile yokwenza ibhizinisi lakho liphile. Ubuhle bohlelo oluqinile, ngukusetshenziswa kwalo. Lesisiqephu sigcwele izeluleko zangempela ezivela kubanikazi bamabhizinisi eNingizimu Afrika yonkana—noma ngabe unenkampani esebenza ngodoti eVenda, indlu…
Season 1 / Episode 4 11 min

Isiqephu 2: Cabanga & uphucule – Siza ibhizinisi lakho ukuthi lisebenzise izindlela ezintsha

Ukuqamba akukona nje okwama-artist. Kubalulekile kwimpumelelo yebhizinisi. Kulesi siqephu, umethuli uMpilo Khumalo uzokuhambisa esinyathelweni sesithathu se-Shintsha iGiya toolkit, ekusiza ukuthi uthuthukise imicabango emisha, ehambisana namandla ebhizinisi lakho kanye nezidingo zemakethe. Zonke izinguquko ezinhle zebhizinisi ziqala ngomcabango nombono onesibindi. Kodwa uqinisekisa kanjani ukuthi imibono yakho izosebenza ngempela? Lesisiqephu sigcwele izivivinyo zangempela…
Season 1 / Episode 2 29 min

Isiqephu 1: Hlola futhi uzilungiselele - Hlola ibhizinisi lakho futhi ulungise ngokwezimali

Ukulungele ukusa ibhizinisi lakho ezingeni elilandelayo? iShintsha iGiya Podcast ilapha ukuze ikuqondise kuzo zonke izigaba zenguquko. Ithulwa nguMpilo Khumalo. Lolu chungechunge lukuchazela ngeShintsha iGiya Toolkit, ewum’hlahlandlela wesinyathelo ngesinyathelo sokushintsha umzila noma ukulungisa isu lakho lebhizinisi. Kulesisiqephu, sibhekana nezinyathelo ezimbili zokuqala ze-toolkit. Isinyathelo 1: Hlola isimo sebhizinisi lakho. Ngaphambi kokwenza izinguquko,…
Season 1 / Episode 1 21 min