#4  Isiqephu 4: Sebenzisa futhi Uguqule - Ukuguqula izinhlelo zibe yizenzo

Loading player...
Uhlelile, ukuqinisekisile, manje sekuyisikhathi sokukwenza kwenzeke. Esiqephini 4 seShinstha iGiya Podcast, umethuli uMpilo Khumalo ukuhambisa esinyathelweni sesi-6: “Sebenzisa Uhlelo Lwakho”, futhi uyalusonga uchungechunge ngemininingwane ebalulekile yokwenza ibhizinisi lakho liphile.
Ubuhle bohlelo oluqinile, ngukusetshenziswa kwalo. Lesisiqephu sigcwele izeluleko zangempela ezivela kubanikazi bamabhizinisi eNingizimu Afrika yonkana—noma ngabe unenkampani esebenza ngodoti eVenda, indlu yezivakashi eKaroo, noma ipulazi lezinkukhu eFree State, lezi zifundo zidalelwe wena.
Ozokuzuza kulesisiqephu:
• Ungayethula kanjani ngempumelelo i-pivot yakho futhi uyidlulisele kumakhasimende kanye nalabo osebenzisana nabo.
• Ukuqhaqha uhlelo lwakho lwenguquko, lube yimisebenzi engenzeka kanye nokwabela izibopho.
• Ukugcina ibhajethi yakho isesimweni nokulungisa izinselelo ngaphandle kokuphazamisa inqubekelaphambili yakho.
• Kungani ukubayinhlobo yomuntu nosomabhizinisi ongakwesabi ukuguquka uma izimo zikudinga kuyisihluthulelo sempumelelo yesikhathi eside.
• Ukubungaza izimpumelelo, kanye nokusebenzisa izimpendulo (feedback) ukuze uthuthukise ibhizinisi lakho njalo.
Thola iShintsha iGiya Toolkit bese ulandela: https://simplybiz.zendesk.com/hc/en-us/articles/360046018651-Change-Gear
Ukuguqulwa kwebhizinisi lakho akugcini lapha – sebenzisa okufundile nokuhlelile, yiba ngumuntu ongesabi ukuguquka, futhi ungami, qhubeka njalo. Vroom vroom.
Season 1 / Episode 4 3 Mar Zulu South Africa Business · Business

Other recent episodes

Isiqephu 3: Qinisekisa futhi Uhlele - Yakha idlela eya empumelelweni yebhizinisi lakho.

Imibono emikhulu idinga izisekelo eziqinile. Esiqephini 3 seShintsha iGiya Podcast, umethuli uMpilo Khumalo ukuhambisa esinyathelweni 4: Qinisekisa Lendlela entsha, kanye nesinyathelo 5: Thuthukisa Uhlelo Lwakho Loshintsho. Lezi yizinyathelo ezimbili ezibalulekile zokuqinisekisa ukuthi ibhizinisi lakho lakhelwe impumelelo yesikhathi eside. Ngaphambi kokungena enguqukweni enkulu, kubalulekile ukuhlola imicabango nemibono yakho, uqinisekise isidingo semakethe,…
Season 1 / Episode 3 19 min

Isiqephu 2: Cabanga & uphucule – Siza ibhizinisi lakho ukuthi lisebenzise izindlela ezintsha

Ukuqamba akukona nje okwama-artist. Kubalulekile kwimpumelelo yebhizinisi. Kulesi siqephu, umethuli uMpilo Khumalo uzokuhambisa esinyathelweni sesithathu se-Shintsha iGiya toolkit, ekusiza ukuthi uthuthukise imicabango emisha, ehambisana namandla ebhizinisi lakho kanye nezidingo zemakethe. Zonke izinguquko ezinhle zebhizinisi ziqala ngomcabango nombono onesibindi. Kodwa uqinisekisa kanjani ukuthi imibono yakho izosebenza ngempela? Lesisiqephu sigcwele izivivinyo zangempela…
Season 1 / Episode 2 29 min

Isiqephu 1: Hlola futhi uzilungiselele - Hlola ibhizinisi lakho futhi ulungise ngokwezimali

Ukulungele ukusa ibhizinisi lakho ezingeni elilandelayo? iShintsha iGiya Podcast ilapha ukuze ikuqondise kuzo zonke izigaba zenguquko. Ithulwa nguMpilo Khumalo. Lolu chungechunge lukuchazela ngeShintsha iGiya Toolkit, ewum’hlahlandlela wesinyathelo ngesinyathelo sokushintsha umzila noma ukulungisa isu lakho lebhizinisi. Kulesisiqephu, sibhekana nezinyathelo ezimbili zokuqala ze-toolkit. Isinyathelo 1: Hlola isimo sebhizinisi lakho. Ngaphambi kokwenza izinguquko,…
Season 1 / Episode 1 21 min